UPHAWU LWESILO (666)
“senza futhi ukuthi bonke abancane, nabakhulu, nabacebileyo, nabakhululekileyo nabayizigqila bazibeke uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo. Ukuba angabikho ongathenga noma athengise engenalo uphawu, igama lesilo noma isibalo segama laso. Nakhu ukuhlakanipha. Onengqondo makabale isibalo sesilo, ngokuba siyisibalo somuntu. Nesibalo sakhe singamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha. (isam. 13: 16-18)
666 UHLELO LUKAHULUMENI OWODWA KAZWELONKE
Kulesi sikhathi, indlela yokuthola ulwazi eqhaswe ngukusebenza kwama computer, iyathuthukiswa njalo njalo, futhi seyamukelwe ngokuphelele emiphakathini yethu. Kunezinga lobuchwepheshe bama Miniature Computer Chips, asebenzisa i RFID(radio frequency identification) oselufakiwe empahleni esebenzisa ugesi, ezitolo ezinkulu, emfuyweni, nakubantu imbala. Akusiyona indaba yakusasa le, lento iyenzeka khona manje.
Ezinxenyeni eziningi zomhlaba, into eyenziwa i RFID microchip (Vericap) ngosizo lwabakwa Applied Digital System, ukuhlola isifo se Alzeimer, isifo sengqondo, ushukela, isifo senhliziyo nokuvikela ukuthunjwa. Esikhathini esingesingakanani esizayo loluhlobo lwama biochip luzobe selusebenza ezintweni eziningi futhi luzobe selufakwe nakubantu; lusebenze njengomazisi,ukuvikela, ukubhekwa, ukutholakala, umnotho kanye nezinye izinto ezingakacatshangwa.
Ngeshwa-ke, loluhlobo lwama biochip lugcina iminininganw ka mazisi futhi neminye imininingwane engatholakala iyogcinwa kwi computer database. Umzimba wakho uba yinto ebonakalayo noma ukuphi, nezinto ozenzayo ziyabonwa. Ukufakelwa kwe microchip emzimbeni kunikela umantu ngokwenyama, ngokwengqonda nakakhulu ngokomphefumulo. Inkinga evukayo ngokufakwa kwama biochip ebantwini inkulu kunokuthi enza izinto zibe lula, isimo sezempilo, ezombusazwe nomnotho imbala.
Usathane uyasebenza emhlabeni futhi usebenzisa abantu ukuphumelelisa lawo macebo akhe. Noma kungathiwani, uMphiku-Kristu uyophoqelela abantu ukuthi balandele futhi balalele uhlelo lwakhe olubonakala lungoluthandekayo ebantwini. Kodwa uma ulandela umlando womuntu nokunqoba kwakhe ku Nkulunkulu, uzobona ukuthi lokho kuyoletha ubuhlungu nenhlupheko aze abuye u Krestu.
“futhi sibadukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esazinikwayo ukuba sizenze phambi kwesilo, sithi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso wesilo, ebesinenxeba lenkemba kodwa sasinda. Sanikwa futhi ukuba siwuphe umfanekiso wesilo umoya, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze futhi ukuba bonke abangakhuleki kumfanekiso wesilo babulawe.” (isam. 13: 14-15)
Iskhathi siyeza lapho umphakathi nezimpilo zizophathwa ngendlela encike emntwini, lapho abantu bayobe bebhekwa, bahlaziywe, bakalwe, bavivinywe ngama computer. Ngaleso sikhathi, noma ngubani owalayo ukuba afakwe lolu hlelo/uphawu uyohlushwa bese ebulawa.
UKWAKHIWA KWESIZWE ZABANTU ABABONAKALA BEKUPHI NOMA KUNINI
Sesibheke esikhathini lapho abantu bezokwazi ukwenza noma yinini noma bekuphi. Ukusetshenziswa kobuchwepheshe be RFID ezitolo ezinkulu esinye sezibonelo.
Into ethuthukisa lokhu ngokushesha, inkolelo yokuthi sizophila ngokuphepha, kalula nakangcono uma sisebenzisa ezobuchwepheshe ukuhlela impilo yethu yemihla ngemihla. Emphakathini olangazelela ukuhlela izimali zawo ngama computer, indlela yamanje yezokuxhumana nokuvikeleka i RFID ayikho banzi kangako, lokho kwenza ukuthi kufakelwe ama biochip emzimbeni, kanjalo-ke kushintshwa nesimo sezomnotho; njengemali entshontshekayo noma ilahleke noma ifihlwe. Esikhathini esingesingakanani esizayo:
1. Bonke abantu kuzofuneka babe nama biochip emzimbeni. Zonke izinto ezimayelana nomnotho zizosebenzisa loluhlelo ukuze kushintshwe indlela yamanje yemali ephathekayo.
2. Lo mbuso ungena ngamandla kodwa akulula ukuwubona futhi inkululeko lapho, iyobe seyiphelelwe isikhathi.
3. Umbusi onogazi, ongu Mphiku-Kristu, uyobusa umhlaba wonke, umbuso wenhlanganisela futhi wokuzimela.
UPHAWU LWESILO EMZIMBENI WOMUNTU AKUMELE SILWAMUKELE. (Isam. 14:9; 11, 16:2)
1. Ukwamukela loluphawu kuyisenzo esingahlehliseki sokuthengisa umphefumulo wakho kuSathane. Lesisona asithethelelwa futhi asihlehliseki ngokuthi uzame ukususa uphawu uma selufakiwe.(isam. 14: 9-11). Umphefulo wakho ungokaNkulunkulu. Manje-ke uma wemukela loluphawu uzobe sewungoka Sathane.
2. Uma wemukela loluphawu, usho ukuthi ukhetha ukukholelwa kumuntu ngokuthanda kwakho,uwukholwa nguNkulunkulu. Ukhetha ukuphhila ngaphandle kuka Nkulunkulu onothando, ofisa ukuchitha ingunaphakade lakhe nawe ezulwini. Unkulunkulu akafuni ukuthi ukhethe indlela yesihogo. Unkulunkulu uzazile lezizinto zingakenzeki, futhi ngoba uyasithanda futhi ufuna sikwamukele lokhu, kwámbulwa kithina ngemibhalo yomphostoli u Johani encwadini yesambulo eminyakeni engaba yi 100 AD. Uma ungenyuselwanga ezulwini ngakho-ke uyobe usalele ukuhlushwa ngemuva, akufanele wamukele uphawe lwesilo nakuba uyohlushwa bese ubulawa ngenxa yokungalaleli umyalelo kahulumuni womthetho ka Sathane. Kumele ukukhumbule lokho ngaso sonke isikhathi ngoba ithemba lezulu lisamile kuze kube phakade.
NGAKUBE SEWUMAMUKELE UJESU NJENGENKOSI NOMSINDISI WAKHO?
“ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu” (Rom.3: 23)
Imali akusiyo yonke into. Umuntu angeke eze kuNkulunkulu ngokukholelwa kwabanye onkulunkulu, ngamava, ukuhleleka noma izenzo ezinhle. Ngubundlelwane bomuntu no Jesu Krestu obuyokwenza ukuba ame engolungileyo phambi kuka Nkulunkulu ongcwele ngesikhathisokuphela kwendaba yomuntu. Kungenxa yalokhu ukuthi uJesu Krestu wahlushwa esiphambanweni, ephalala igazi, efa futhi ebuya ekuphileni. Lokhu kwénzeka ukubonisa ukulangazela, amandla, nenkazimulo esisindisa esonweni nasekufeni.
“mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akakho oza kuBaba ngaphandle kwami” (John 14: 6)
Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho, ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; ngoba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa. (Rom. 10: 9-10)
Kumele ukholwe nguJesu nokuthiwafela izono zakho. UJesu uyakuthanda
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka waze wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.”(John 3: 16)
Yazi ukuthi uyisoni bese uthandaza ngokukholwa. Kumele wamukele uJesu njengomsindisi wakho.
Ngempela likhona izulu nesihogo ngokunjalo. UJesu Kristu nguye kuphela indlela yokuya ezulwini.
UJESU UYABUYA NGOKUSHESHA LUNGISELELA UKUHLWITHWA
UJesu owasihlawulela ngesiphambano uyosilungisela indawo futhi bese ebuya ukuze abe nathi. Usithembisile. (John 14: 3). Ukuhlwithwa kuyokwenzeka kuqala kunokuhlushwa okukhulu.(Isam. 3: 10). UJesu wathi; kanti ukuma kwezulu niyakwazi ukukuchaza, kepha izibonakaliso zezulu anikwazi ukuzichaza?(Math. 16: 3)
BONKE BANGABAZALWANE ABATHANDEKAYO KU JESU KRESTU
Ukuhlwithwa kungokwalabo bazalwane abayonyuselwa esibhakabhakeni ngokukhala kwecilongo, abazalwane abayohlwithwa bayonyuselwa esibhakabhakeni ukuhlangana noJesu emafwini (1 Thes. 4: 16-17). Abayohlwithwa ilawo makholwa azibophe ngebhande lika moya elimhlophe. Imizimba yabo iyoguqulwa ibe ngeyenkazimulo bajabule noNkulunkulu (Isam. 19: 7-8).
Uma uhlala unokholo oluntukuntuku, uJesu uyokuqhashisela ngaphandle, manje-ke akumele ube ilolo hlobo lwekholwa(Isam. 3: 16). Ukuza kukaJesu kokuqala kwakungokokuletha insindiso, kodwa uyabuya-ke futhi ukuhlangana nalabo abalindele abalungele ukuhlangana naye emafwini ngokukhala kwecilongo; lokho ngukuhlwithwa. Inkosi uJesu, uyothatha abantwana bakhe baye ezulwini. Emva kokuhlushwa emhlabeni, uyobe esebuya futhi nalabo abebathathile naye ukuya ezulwini naseJerusalema elisha, lokhu kungukubuya kwesibili. Manje liyini ithemba lethu, intokozo yethu noma umqhele esiyokhazimuliswa nenkosi u Jesu uma esebuya?ngabe akusiwe na lowo? (1Thes. 2: 19)
Ngokubuya kuka Jesu, abayobe behlwithiwe kuphela abayomiswa phambi kwesihlalo senkazimulo (1Cor. 15: 49-55). Ngisho kuthiwa asilwazi usuku lokubuya kwakhe,amadodana okukhanya awekho ebumnyameni ngakho lolo suku ngeke lufike kuwo njengesela (1Thes. 5: 4-5). Ungabi likholwa elintukuntuku noma ulale, kodwa hlala uqwashile uthandaze (1 thes.5:1-4). Khumbula ukuthi lokhu okwamukelile nokuzwile: ukulalele bese uphenduka. Kodwa uma ungavuki, ngiyofika njengesela, awuyikwazi ukuthi ngibuya nini kuwe(Isam. 3: 3). Labo abanokholo oluntukuntuku, labo abaminyaniswe izwe, nalabo abangamazi uJesu bayoshiywa ngosuku olukhulu. Lokho kuhlushwa kuyokuba isikhathi esinzima kakhulu emlandweni wawo wonke umuntu. Abayobe besele ngemuva akumele bamukele ama biochip(aqukethe igama lika Sathane) emzimbeni yabo (ebunzini noma esandleni sokunene; Isam. 13: 16, 20: 4) noma ngabe lokho kubiza ukufa. Ama Krestu azibulalayo, ayochitha ingunaphakade lawo esihogweni. Ngkwenqaba ama chip uyohlushwa bese ubulawa. Kwabangakholwa (abangesiwo ama Krestu); akumelanga unqabe uphawu nj kuphela kodwa kuyomele uvume ngezindebe zakho ukuthi u Jesu uyinkosi nomsindisi wakho, ucele intethelelo ezonweni zakho bese ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uyindodana kaNkulunkulu efele izono zethu, Amen.

출처 : 천국은 확실히 있다
글쓴이 : goldface 원글보기
메모 :
'베리칩·1 > 베리 칩' 카테고리의 다른 글
[스크랩] 9.28긴급메시지(짐승의표666)-이탈리아어 (0) | 2015.12.17 |
---|---|
[스크랩] 9.28긴급메시지(짐승의표666)-스와힐리어(동아프리카) (0) | 2015.12.17 |
[스크랩] 9.28긴급메시지(짐승의표666)-인도 힌두어 (0) | 2015.12.17 |
[스크랩] 9.28긴급메시지(짐승의표666)-프랑스어 (0) | 2015.12.17 |
[스크랩] 9.28긴급메시지(짐승의표666)-인도 미조어 (0) | 2015.12.17 |